Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yasikhuluma kuMozisi enkangala yeSinayi ethenteni lenhlangano, ngolokuqala lwenyanga yesibili, ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo elizweni leGibhithe, yathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 1:1
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni kwa-Israyeli, ngenyanga kaSifi, eyinyanga yesibili, waqala. Ukwakha indlu kaJehova.


Ngenyanga yesithathu ekuphumeni kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.


Basuka eRefidimi, bafika ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wamisa lapho phambi kwentaba.


Ngiyakuhlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa phakathi kwamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi ngakho konke engikuyala ngakho kubantwana bakwa-Israyeli.


Kwathi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga, lamiswa itabernakele.


Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakumisa itende lokuhlangana.


UJehova wambiza uMose, wakhuluma kuye etendeni lokuhlangana, wathi:


Le yimiyalo uJehova uMose eyayala ngayo abantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.


Balibizela ndawonye ibandla lonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, babhala izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu; ngokusho kwamabhokisi abo okuvota.


UJehova wahle wakhuluma kuMose naku-Aroni nakuMiriyamu wathi: “Phumani nina nobathathu, niye etendeni lokuhlangana. Baphume bobathathu.


UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe, wathi:


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho;


Isikhathi esahamba ngaso sisuka eKadeshi-bharineya saze sawela umfudlana iSeredi, sasiyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili; saze saqedwa sonke isizukulwane samadoda okulwa phakathi kwempi, njengokukhuluma kukaJehova kubo ngesifungo.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; Uyakwazi ukuhamba kwakho kulolugwadule olukhulu; ngoba le minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho wayenawe; entula lutho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka