indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;
UNumeri 31:54 - Contemporary Zulu Bible 2024 OMose no-Eleyazare umpristi bathatha igolide lezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, balingenisa etendeni lokuhlangana ukuba bakhumbule abantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova. IsiZulu 2020 UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide elalivela ezinduneni zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha ethendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantu bakwa-Israyeli phambi kukaSimakade. |
indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;
Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kodwa ulidumise igama lakho, ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.
Bayakumemezela phakathi kwezixuku isikhumbuzo sokulunga kwakho okukhulu, bahubele ngokulunga kwakho.
Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.
Kumelwe uthathe imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyihlukanisele inkonzo yetende lokuhlangana; ukuze kube yisikhumbuzo phambi kweNkosi kubantwana bakoIsrayeli, ukwenzela imiphefumulo yenu inhlawulo yokuthula.
Imiqhele iyakuba ngekaHelemu, noThobiya, noJedaya, noHeni, indodana kaZefaniya, ibe yisikhumbuzo ethempelini likaJehova.
Kube yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuba kungasondeli owezizwe ongesiye owenzalo ka-Aroni ukunikela impepho phambi kukaJehova; ukuze angabi njengoKora nanjengesixuku sakhe, njengalokho uJehova eshilo kuye ngesandla sikaMose.
Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula.
Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.
Niyakuthi kubo: Amanzi aseJordani anqamukile phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwayo iJordani, amanzi aseJordani anqamuka, lawa matshe abe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.