Izwe lonke aliphambi kwakho na? Hlukana nami; uma uthanda ukuthatha isandla sokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; noma uphendukela ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.
UGenesise 34:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuhlala nathi, izwe libe phambi kwenu; hlalani nihwebe ngalo, nizuze impahla kulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.” IsiZulu 2020 Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.” |
Izwe lonke aliphambi kwakho na? Hlukana nami; uma uthanda ukuthatha isandla sokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; noma uphendukela ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.
Wayesethi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami liphambi kwakho; hlala lapho uthanda khona.
Wayesethi uShekemi kuyise wayo nakubafowabo: “Mangithole umusa emehlweni enu, nalokho eniyakungitshela khona ngiyakuninika khona.
Nilethe umfowenu omncane kimi; khona ngiyakwazi ukuthi anisizo izinhloli, kodwa ukuthi ningamadoda angempela; ngalokho ngiyakuhlenga wena, umfowenu, uhwebe ezweni.
U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;