Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 13:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Izwe lonke aliphambi kwakho na? Hlukana nami; uma uthanda ukuthatha isandla sokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; noma uphendukela ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 13:9
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ithafa lonke laseJordani ukuthi lalinamanzi amaningi yonke indawo, ngaphambi kokuba uJehova abhubhise iSodoma neGomora, njengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibhithe, njengoba ufika eSowari.


UAbrama wasesithi kuLothi: Kakungabi khona ukuxabana phakathi kwami lawe laphakathi kwabelusi bami labelusi bakho; ngoba singabazalwane.


Wayesethi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami liphambi kwakho; hlala lapho uthanda khona.


Niyakuhlala nathi, izwe libe phambi kwenu; hlalani nihwebe ngalo, nizuze impahla kulo.


Mina ngingowokuthula, kepha lapho ngikhuluma, bona babe ngezokulwa.


Manje bheka, namuhla ngiyakukhulula amaketanga asesandleni sakho. Uma kukuhle kuwe ukuhamba nami eBabele, woza; futhi ngizoninakekela kahle; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke liphambi kwakho; nomaphi lapho kubonakala kukuhle futhi kukulungele ukuba uye khona, hamba khona.


Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Ngakho-ke kukhona icala impela phakathi kwenu, ngokuba nimangalelana. Kunalokho kungani niphatha kabi na? Kunalokho kungani ningavumi ukuphanjwa na?


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka