Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 13:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 UAbrama wasesithi kuLothi: Kakungabi khona ukuxabana phakathi kwami lawe laphakathi kwabelusi bami labelusi bakho; ngoba singabazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 13:8
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izwe lonke aliphambi kwakho na? Hlukana nami; uma uthanda ukuthatha isandla sokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; noma uphendukela ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.


U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.


Wasebamukisa abafowabo, basebesuka, wathi kubo: Qaphelani ukuthi lingawa endleleni.


nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.


Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Esephuma ngosuku lwesibili, bheka, amadoda amabili amaHeberu ephikisana omunye komunye, wathi kowonileyo: “Umshayelani umngane wakho na?


Impendulo ethambileyo ibuyisa ulaka, kepha amazwi alimazayo avusa ulaka.


Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, kepha obhekayo uthulisa ingxabano.


Kuludumo kumuntu ukuyeka ukuxabana, kepha zonke iziwula ziyagxambukela.


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.


Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na?


Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;


Yenzani zonke izinto ngaphandle kokukhonona nokuphikisana;


Kepha maqondana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nginilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundiswe nguNkulunkulu ukuba nithandane.


Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;


Maluqhubeke uthando lobuzalwane.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.


Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


Phezu kwakho konke yibani nothando oluvuthayo phakathi kwenu, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.


Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando.


Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu.


UGayeli indodana ka-Ebhedi weza nabafowabo, baya eShekemi; abantu baseShekemi bamethemba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka