Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 47:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 47:27
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


Ngizakwenza uzale kakhulu, ngikwenze izizwe, kuphume amakhosi kuwe.


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.


Niyakuhlala nathi, izwe libe phambi kwenu; hlalani nihwebe ngalo, nizuze impahla kulo.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.


UJosefa wayesebamisa uyise nabafowabo, wabanika indawo ezweni laseGibithe, endaweni enhle kunazo zonke yezwe, ezweni laseRamesesi, njengokuyala kukaFaro.


Wathuma igwababa lazulazula, aze asha amanzi emhlabeni.


Kodwa ijuba alifumananga indawo yokuphumula yamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesemhlabeni wonke; wayeselula isandla sakhe, walithatha, walidonsela emkhunjini kanye naye.


Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Wabandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza baba namandla kunezitha zabo.


Wababusisa, banda kakhulu; futhi mabashanele hhayi kancane.


Kodwa lapho bebacindezela kakhulu, kwayikhona banda, bakhula; Basebedabuka ngabantwana bakoIsrayeli.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, banda, banda, baba namandla kakhulu; izwe lagcwala bona.


Ngizabashayela ikhwelo ngibabuthe; ngokuba ngibahlengile, futhi bayokwanda njengoba bandile.


Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe.


Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka