Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 23:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 23:6
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.


U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.


USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Ngingajabula yini lapho sengimdala, nenkosi yami isindala na?”


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


Ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli induna yempi yakhe bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama, athi kuye:


U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti.


Wathi: “Phuza, nkosi yami; washesha wehlisa imbiza yakhe esandleni sakhe, wamphuzisa.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi ngingenakusukuma phambi kwakho; ngoba umkhuba wabesifazane uphezu kwami. Wacinga, kepha akazitholanga izithombe.


Uyakuthi: ‘Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunyelwe enkosini yami u-Esawu; bheka, naye usemuva kwethu.


Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuthenga ukudla.”


Lokhu akusikho yini inkosi yami ephuza ngakho, eprofetha ngakho ngempela? nenze okubi ngokwenza kanjalo.


Bheka, imali esayifumana emaphaketheni ethu sayibuyisela kuwe sivela ezweni laseKhanani; pho, besingeba kanjani isiliva negolide endlini yenkosi yakho na?


U-Aroni wathi: “Intukuthelo yenkosi yami mayingavuthi;


Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.


Wathi: “Mangithole umusa emehlweni akho, nkosi yami; ngokuba ungiduduzile, wakhuluma kahle kuyo incekukazi yakho, nakuba ngingenjengenye yezincekukazi zakho.