UGenesise 23:6 - IsiZulu 20206 “Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE6 “Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20246 Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho. Uka jalj uñjjattʼäta |
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ingcebo yaseGibhithe nokuzuziweyo kwaseKhushe, nangamaShebha, abantu abade; kuyakuza kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga; bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu unani kuphela, akekho omunye, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe.’ ”