Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 23:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 “Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 23:6
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.


U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.


USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Ngingajabula yini lapho sengimdala, nenkosi yami isindala na?”


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


Ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli induna yempi yakhe bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama, athi kuye:


U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti.


Wathi: “Phuza, nkosi yami; washesha wehlisa imbiza yakhe esandleni sakhe, wamphuzisa.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi ngingenakusukuma phambi kwakho; ngoba umkhuba wabesifazane uphezu kwami. Wacinga, kepha akazitholanga izithombe.


Uyakuthi: ‘Ngezenceku yakho uJakobe; kuyisipho esithunyelwe enkosini yami u-Esawu; bheka, naye usemuva kwethu.


Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuthenga ukudla.”


Lokhu akusikho yini inkosi yami ephuza ngakho, eprofetha ngakho ngempela? nenze okubi ngokwenza kanjalo.


Bheka, imali esayifumana emaphaketheni ethu sayibuyisela kuwe sivela ezweni laseKhanani; pho, besingeba kanjani isiliva negolide endlini yenkosi yakho na?


U-Aroni wathi: “Intukuthelo yenkosi yami mayingavuthi;


Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.


Wathi: “Mangithole umusa emehlweni akho, nkosi yami; ngokuba ungiduduzile, wakhuluma kahle kuyo incekukazi yakho, nakuba ngingenjengenye yezincekukazi zakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka