UDaniyeli 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wamenzela uDaniyeli umusa nesisa enduneni yabathenwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa. |
Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo.
Ubathethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abeqe ngazo kuwe, ubenzele umusa phambi kwalabo ababathumbile njengeziboshwa, ukuze babe nesihe kubo.
Ngiyakuncenga, Jehova, ukuthi indlebe yakho mayizwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezesaba igama lakho; umusa emehlweni alendoda. Ngoba ngangingumphathizitsha wenkosi.
Intombi yamthokozisa, yathola umusa kuyo; washesha wamnika izinto zakhe zokuhlanjululwa, nakho konke okwakhe, nezintombi eziyisikhombisa abemelwe ukuziphiwa, ziphuma endlini yenkosi; wamkhetha yena nezincekukazi zakhe phezu kwendawo enhle kunazo zonke yendlu yabesifazane.
Kodwa yazini ukuthi uJehova umhlukanisele owesabayo; uJehova uyakuzwa lapho ngimbiza.
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.
Induna yabalindi yathi kuDaniyeli: “Ngiyayesaba inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nesiphuzo senu; khona-ke kumelwe ubeke ikhanda lami engozini ngenxa yenkosi.
Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.