Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uDaniyeli wanquma enhliziyweni yakhe ukuthi angazingcolisi ngokudla kwenkosi nangewayini aliphuzayo; ngakho wacela induna yenkundla ukuthi ingamngcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, ngiqonde ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova wakhuluma kuDavide ubaba ngokuthi: ‘Indodana yakho engiyayibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho iyokwakhela indlu yami igama.


Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Ngifungile, ngizakugcwalisa, ukuthi ngizagcina izahlulelo zakho ezilungileyo.


Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Ungayithambekisi inhliziyo yami kunoma yikuphi okubi, ukwenza izenzo ezimbi nabantu abenza okubi; futhi ungangivumeli ngidle izibiliboco zabo.


Ungafisi izibiliboco zakhe, ngoba ziwukudla kwenkohliso.


Inkosi yababekela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo; ngakho wabapha ukudla iminyaka emithathu, ukuze ekupheleni kwayo beme phambi kwenkosi.


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nezokhuni, namatshe.


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


kodwa sibabhalele ukuthi bayeke amanyala ezithombe, lobufebe, lokukhanyiweyo, legazi.


Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle.


Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.


Ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini leminikelo yabo yokuphuzwa na? mawasukume akusize abe isivikelo sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka