Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uDaniyeli wanquma enhliziyweni yakhe ukuthi angazingcolisi ngokudla kwenkosi nangewayini aliphuzayo; ngakho wacela induna yenkundla ukuthi ingamngcolisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


Bazihlanganisa noBhali Pheyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami.


Ungayiphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yenkohlakalo kanye nabantu abenza inkohlakalo, ngingadli izibiliboco zabo.


Ungazihaheli izilovela ezivela kumbusi, ngokuba ziwudobo lokukuyenga.


Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, ukuba bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo, bame phambi kwenkosi.


Baphuza iwayini, badumisa onkulunkulu begolide, abesiliva, abethusi, abensimbi, abomuthi nabetshe.


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Kepha masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokudla inyama yesilwane esiklinyiwe, nokusenegazi.


Kepha omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa yilutho, futhi eyibusa imizwa yakhe, makenze akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakuyiyeka ingoduso yakhe iyintombi, wenza kahle.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwayo, na? Mabanisize, mababe yisiphephelo senu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka