Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 32:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

28 Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 32:28
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, kepha igama lakhe liyakuba nguSara.”


Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho liyakuba ngu-Abrahama; ngoba ngikwenze uyise wezizwe ezinengi.


UJakobe wasesithi: Thengisa kimi namuhla ngobuzibulo bakho.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


UJakobe wasala yedwa; kwaba khona umuntu wabambana naye kwaze kwasa.


Wathi kuye: “Ungubani igama lakho na?” Wathi: “Jakobe!


Wamisa khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Elohe-Israyeli.


U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa entanyeni yakhe, wamanga; basebekhala.


UNkulunkulu wasesithi kuye: Ibizo lakho nguJakobe; igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha igama lakho liyakuba ngu-Israyeli; waqamba igama layo ngokuthi u-Israyeli.


Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova.


U-Eliya wathatha amatshe ayishumi nambili ngokwenani lezizwe zamadodana kaJakobe okwafika kuye izwi likaJehova lathi: “Igama lakho liyakuba ngu-Israyeli.”


Kuze kube namuhla benza ngokwemikhuba yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso zabo, nezahlulelo zabo, nomthetho nomyalo uJehova ayala ngakho abantwana bakwaJakobe, owambiza ngokuthi u-Israyeli.


U-Abrahama wazala u-Isaka; Amadodana ka-Isaka; u-Esawu no-Israyeli.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.


Kepha manje, isho kanje iNkosi, uMdali wakho, O Jakobe, noMbumbi wakho, O Israyeli: Ungesabi, ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


Kumelwe nishiye igama lenu njengesiqalekiso kwabakhethiweyo bami, ngoba iNkosi uJehova iyonibulala futhi ibize izinceku zayo ngelinye igama.


Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.


Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


USawuli wasesithi kuDavida: Ubusisiwe wena, ndodana yami Davide; uzakwenza izinto ezinkulu njalo unqobe. UDavide wahamba, uSawule wabuyela endaweni yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka