Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNkulunkulu wamenzela uDaniyeli umusa nesisa enduneni yabathenwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.


uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.


Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.


Ompofu usenethemba; ububi buvala umlomo wabo.


Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.


Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu, nilifake engozini ikhanda lami enkosini.”


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka