Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 16:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 16:7
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;


U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa entanyeni yakhe, wamanga; basebekhala.


Ukwesaba uJehova kwehlela yonke imibuso yamazwe ahanqe uJuda, kangangokuthi ayizange ilwe noJehoshafati.


Umbuso kaJehoshafati wawuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


Base benika izinduna zenkosi nababusi ngasempumalanga koMfula imiyalo yenkosi, basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.


Nalokhu kuyakujabulisa uJehova njengenkomo noma inkunzi enezimpondo nezinzipho.


Futhi ngizonika laba bantu umusa emehlweni aseGibhithe, futhi lapho nihamba, ngeke nihambe nize.


Ingcosana enobulungisa ingcono kunenzuzo enkulu engenabulungisa.


Izindlela zabo ziyizindlela zenjabulo, futhi zonke izindlela zabo ziwukuthula.


UJehova wathi: “Kuyakuba kuhle ngensali yakho; bheka, ngiyakuncenga isitha kini ngesikhathi sobubi nangesikhathi sosizi.


Mthathe, umbheke kahle, ungamenzi okubi; kodwa yenzani kuye njengokutsho kwakhe kini.


Futhi ngiyonibonisa umusa, ukuze abe nesihe kini futhi anivumele nibuyele ezweni lakini.


UNkulunkulu wamenzela uDaniyeli umusa nesisa enduneni yabathenwa.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.


Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na?


Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka