Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uJehova akusho kimi, ngiyakukhuluma.”
Mathewu 22:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. IsiZulu 2020 Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu. |
Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uJehova akusho kimi, ngiyakukhuluma.”
Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.
Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi akufunyanwanga emlonyeni wakhe; wahamba nami ngokuthula nangokulunga, waphenduka kakhulu ebubini.
Ngalokho nami nginenza nidelelwe, ningabi-yilutho phambi kwabantu bonke, ngokuba anigcinanga izindlela zami, kepha nithanda umthetho.
Besithi: Mfundisi, uMozisi wathi: Uba indoda isifa ingelamntwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
Wathi: “Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye labafundi bami.
Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade?
Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha?
Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;
UJesu waphendula wathi kuye: Simoni, ngilelizwi kuwe. Wathi: “Khuluma, Mfundisi.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.
Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.
Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.
Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.
Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;
owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.
Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.
Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.