Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 22:16 - IsiZulu 2020

16 Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 22:16
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.


Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.


Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.


“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”


bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engazele bantwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo umuzi.’


Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba kowesikhombisa.


Wathi: “Hambani niye emzini, kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami sesiseduze; ngizakwenza iPhasika kwakho nabafundi bami.’ ”


Wayeseya kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wamanga.


Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?”


Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi.


Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”


AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.


Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.”


Zambuza-ke zathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhululma futhi ufundise okulungileyo, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokweqiniso.


UJesu wamphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukutshela khona.” Wathi: “Mfundisi, ngitshele.”


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


Ozikhulumela ngokwakhe ufuna udumo lwakhe, kodwa ofuna udumo lwalowo omthumileyo, lowo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.


sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, futhi asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokuveza obala iqiniso, sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka