Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:9
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.


Nokho kwakuyinto encane emehlweni akho, O Nkulunkulu; ngoba futhi wakhuluma isikhathi eside ngendlu yenceku yakho futhi wangibheka njengemfanelo yomuntu ophakeme, Jehova Nkulunkulu.


Kungakho abantu bemesaba;


CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho.


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Wayesethi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningambuli amakhanda enu, ningaklebhuli izingubo zenu; ukuze ningafi, futhi ulaka lungehleli phezu kwabantu bonke; kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabakhale ngomlilo uJehova awubasileyo.


Akumelwe futhi angene nanoma yimuphi ofileyo azingcolise ngoyise noma ngonina;


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu?


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.


Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.


Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu, neNkosi uJesu Kristu, nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba uzigcine lezo zinto ngaphandle kokukhetha kuqala, ungenzi lutho ngokukhetha abantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka