Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini? Uma bengisazikholekisa kubantu, kungaba angisiyo inceku kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 1:10
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncenga thina, sinivikele.


Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.


UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,


Kodwa umJuda enguye ngaphakathi; nokusoka kungokwenhliziyo emoyeni, kungabi ngokombhalo; okudumisa kwakhe akuveli kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;


njengalokhu nami ngithokozisa bonke ezintweni zonke, ngingafuni inzuzo yami, kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.


Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo.


kungabi ngokukhonza kwamehlo, njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngenhliziyo;


UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;


Nina zinceku, lalelani ezintweni zonke amakhosi enu ngokwenyama; kungabi ngokukhonza kwamehlo njengabathokozisa abantu; kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uNkulunkulu;


Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.


Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu.


Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.


Kwakukhona lapho umuntu othile wezinceku zikaSawule ngalolo suku, eboshiwe phambi kukaJehova; igama lakhe lalinguDowegi umEdomi, induna yabelusi bakaSawule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka