Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 12:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. KuKesari, noma qha?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Sebefikile bathi kuye: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, kawukhathali ngomuntu, ngoba kawubheki ubuso bomuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso: Kuvunyelwe yini ukuthela. kuKesari, noma qha?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 12:14
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”


Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Futhi inika amakhosi isivuno esikhulu owawabeka phezu kwethu ngenxa yezono zethu; futhi bayabusa phezu kwemizimba yethu nezinkomo zethu njengokuthanda kwabo, futhi sisekuhluphekeni okukhulu.


O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso.


Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.


Ngokuba nakhathazeka ezinhliziyweni zenu lapho ningithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu; njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, sitshele khona, sikwenze.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Ngakho sitshele ukuthi wena uthini? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?


Bathumela kuye abanye babaFarisi nabakaHerode, ukuze bambambe ngamazwi akhe.


Siphe, noma singaphi na? Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Ngiletheleni udenariyo, ngibone.


Esefikile wahle waya kuye, wathi: “Rabhi! wamanga.


Kuvunyelwe yini kithi ukuthela kuKesari, noma qha?


Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi.


Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.


Ngokuba ngenxa yalokho nithela futhi, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.


Ngokuba uma mina nginidabukisa, ngubani-ke ongithokozisayo, uma kungesiye lowo engidabukisayo na?


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;


Ngakho lokhu sikwazi ukwesabeka kweNkosi, siyabancenga abantu; kodwa sibonakalisiwe kuNkulunkulu; futhi ngiyethemba ukuthi nakunembeza wenu sibonakalisiwe.


Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.


Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka