IzEnzo 2:40 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” IsiZulu 2020 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. |
Bantu bami, phumani kulo futhi nisindise, kube yilowo nalowo umphefumulo wakhe olakeni lukaJehova.
Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.
UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.
Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
Ngokuba nginabafowethu abayisihlanu; ukuze afakaze kubo, hlezi nabo beze kulendawo yokuhlupheka.
Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.
Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.
Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.
OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.
Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka.
ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.
Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.
Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, yehlelwa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside, yazumeka, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
Ngokuba ngiyaphinda ngiyafakaza kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokwenza umthetho wonke.
Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;
Babonakalisile, ibala labo alisilo ibala labantwana bakhe; bayisizukulwane esibi nesiphambeneyo.
ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni;
Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe;
Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;