Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

39 Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:39
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho.


Futhi bonke abantwana bakho bayofundiswa uJehova; futhi ukuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.


Ngakho bayolesaba igama likaJehova kusukela entshonalanga nenkazimulo yakhe kusukela ekuphumeni kwelanga. Lapho isitha sifika njengozamcolo, uMoya kaJehova uyakusiphakamisela ibhanela.


Futhi uMsindisi uyofika eSiyoni nakulabo ababuya eziphambekweni kwaJakobe,” kusho uJehova.


Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko; ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nenzalo yabo inabo.


Bayakuhlala ezweni engalinika inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayohlala kulo, bona nabantwana babo nabantwana babantwana babo kuze kube phakade; inceku yami uDavida izakuba ngumbusi wabo kuze kube nininini.


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.


Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


USimeyoni usilandisile ukuthi uNkulunkulu wabahambela kanjani abezizwe ekuqaleni ukuze athathe kubo abantu begama lakhe.


Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.


NoNkulunkulu owazi izinhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele, njengalokho enzile nakithi;


Ngokuba izipho nokubiza kukaNkulunkulu akukhona ukuphenduka.


Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile;


ngitsho thina, asibizayo, kungeyisikho kumaJuda kuphela, kodwa lakwabezizwe?


Obani abangama-Israyeli; okungokwabo ukuma kwabantwana, nenkazimulo, nezivumelwano, nokunikwa komthetho, nenkonzo kaNkulunkulu, nezithembiso;


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.


Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele;


Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.


Munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;


kodwa naye omi lapha nathi namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, futhi naye ongekho lapha nathi namuhla.


Ngakho futhi siyanikhulekela njalo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa, agcwalise ngamandla onke okumthokozisayo okuhle, nomsebenzi wokukholwa;


Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;


njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Yathi kimi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yathi kimi: Lawa angamazwi kaNkulunkulu aqinisileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka