Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 20:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Wanqamula kulezo zindawo, ekhuthaza abafundi ngokuningi, waze wayofika ezweni lamaGriki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 20:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma ngimelulele uJuda, ngigcwalise umnsalo ngo-Efrayimi, namadodana akho, Siyoni, ngiwaphakamisele amadodana akho, Greece, ngikwenze ube njengenkemba yendoda enamandla.


Esikhundleni sakhe nangezinye izinto eziningi washumayela ivangeli kubantu.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Sisuka lapho saya eFiliphi, umuzi oyinhloko yesifunda saseMakedoniya, uyikoloni; sahlala izinsuku ezithile kulowo muzi.


Sebedabule i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda.


Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.


Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.


Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka.


Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kwathi sebemlalele amaJuda esezasuka aye eSiriya ngomkhumbi, wazimisela ukubuya adabule eMakedoniya.


Kodwa ngizakuza kini masinyane, uba iNkosi ithanda, njalo ngizakwazi, ingasi inkulumo yabakhukhumeleyo, kodwa amandla.


esimshumayelayo, sixwayisa wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngakho konke ukuhlakanipha; ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKristu Jesu;


Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe;


Ngokuba isikhuthazo sethu asiveli enkohlisweni, noma ngokungcola, noma ngenkohliso;


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka