Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 17:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 17:17
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwasekuyiminyaka engamatshumi amane ngidabukile ngalesisizukulwana, ngathi: Laba ngabantu abadukileyo enhliziyweni zabo, njalo abazazi izindlela zami.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lisala ukugcina imilayo yami lemithetho yami?


Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?


Uyolala kuze kube nini, sivila? uyakuvuka nini ebuthongweni bakho?


UJehova waxubanisa umoya omubi kulo, balidukisa iGibhithe emisebenzini yalo yonke njengomuntu odakiwe ediyazela ebuhlanzweni bakhe.


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?


Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami.


Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.


Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na?


Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha behlulekile ukuyiphulukisa.


UJesu wamkhuza idemoni; waphuma kuye; umntwana waphulukiswa kusukela ngaleso sikhathi.


Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?


Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu.


Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.


Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.


Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela na? Letha lapha indodana yakho.


Khona wathi kuTomase: Letha lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami, ungabi ngongakholwayo, kodwa okholwayo.


Kwathi cishe iminyaka engamashumi amane wabekezelela imikhuba yabo ehlane.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.


Sengathi ningangibekezelela kancane ebuwula bami, ningibekezelele.


Babonakalisile, ibala labo alisilo ibala labantwana bakhe; bayisizukulwane esibi nesiphambeneyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka