Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 15:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

32 UJuda noSila, njengokuba nabo babengabaphrofethi, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi abawakhulumayo, babaqinisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 15:32
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi ngema ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede ukuba ngimqinise, ngimqinise.


Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;


Ngakho futhi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu yathi: Ngizabathumelela abaprofethi labaphostoli, labanye kubo bazakubabulala, babazingele;


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya.


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


Ngakho sithumile oJudasi loSila, abazakhuluma kini lezizinto ngomlomo.


Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.


Kwathi sebefundile bathokoza ngenduduzo.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.


Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.


Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi.


Ngakho-ke silezipho ezehlukene ngokomusa esiwuphiweyo, noma ukuprofetha, asiprofethe ngokwesilinganiso sokukholwa;


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.


Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele.


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.


Imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi.


Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya;


Njengalokhu nazi ukuthi sasiniyala, siniduduza, siyala yilowo nalowo kini njengoyise ebantwaneni bakhe;


sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.


Abanjalo siyabayala, sibayala ngeNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba basebenze ngokuthula, badle okwabo isinkwa.


Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke;


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.


NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka