Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 15:40 - Contemporary Zulu Bible 2024

UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UPawula wazikhethela uSila, bahamba benikelwe emseni weNkosi ngabazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 15:40
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Sebezila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;


Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen. (Incwadi yesibili eya kwabaseKorinte yabhalwa uThithu noLucas eFilipi, umuzi waseMakedoniya.)


INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)


Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.)