Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 16:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 16:19
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base besondela bakhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi; Awusayinanga yini umyalo wokuthi yilowo nalowo ocela isicelo kunoma yimuphi kuNkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, ngaphandle kwakho, nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama? Inkosi yaphendula yathi: “Indaba iqinisile ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongaguqukiyo.


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.


Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe;


Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;


abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu.


UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.


Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Wabayisa ezinduneni, wathi: Laba bantu bengamaJuda bawuhlupha kakhulu umuzi wakithi.


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.


Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila.


Kuthe bengabatholi, badonsela uJasoni labazalwane abathile kubaphathi bomuzi, bememeza besithi: Laba abaphambukise umhlaba wonke sebefikile lalapha;


Umuzi wonke wanyakaza, abantu bagijima kanyekanye, bambamba uPawulu, bamdonsela ngaphandle kwethempeli, kwavalwa masinyane iminyango.


Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.


Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.


Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;


Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi.


Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka