Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 15:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 15:22
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, ngokuba konke ekwenzayo inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.


Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.


Le ndaba yayinhle emehlweni enkosi nakulo lonke ibandla.


Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya.


Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela.


Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya.


Ngalezo zinsuku kwafika abaprofethi bevela eJerusalema, beza e-Antiyokiya.


Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;


Kwaba kuhle kithi sibuthene nganhliziyonye, ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye labathandekayo bethu uBarnabasi loPawuli;


Ngakho sithumile oJudasi loSila, abazakhuluma kini lezizinto ngomlomo.


Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.


Sebemukisiwe, beza e-Antiyokiya;


OJudasi noSila, bengabaprofethi nabo, bakhuthaza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


UPawuli wakhetha uSila, wamuka enikelwe ngabazalwane emseni kaNkulunkulu.


Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.


Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila.


Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.


Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.


Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane;


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo.


UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu:


NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka