Kodwa ngizishiyele kwa-Israyeli abayizinkulungwane eziyisikhombisa, wonke amadolo angaguqanga kuBhali, nayo yonke imilomo engazange imange.
Hoseya 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.” IsiZulu 2020 Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.” |
Kodwa ngizishiyele kwa-Israyeli abayizinkulungwane eziyisikhombisa, wonke amadolo angaguqanga kuBhali, nayo yonke imilomo engazange imange.
wasesithi kubo: Lingalethi izibotshwa lapha; ngoba njengoba sesonile kuJehova, lina lihlose ukwengezelela ezonweni zethu leziphambeko zethu; ngoba isiphambeko sethu sikhulu futhi kukhona intukuthelo evuthayo ngokumelene no-Israyeli.
Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho wazithoba uManase uyise; kepha u-Amoni wona ngokwandayo.
Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.
Usalokhu ushaywa ngani? niyakudlubulunda ngokwandayo; lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.
Maye kubantwana abahlubukayo, usho uJehova, abagcina isiluleko, bengaveli kimi; futhi nisibekele ngesembozo, kodwa hhayi ngomoya wami, ukuze banezele isono esonweni.
Bheka, bonke abangane bakhe bajabhile, nezisebenzi zingabantu; mabahlangane bonke, basukume; nokho bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
Bakhipha igolide esikhwameni, bakala isiliva esikalini, baqasha umkhandi wegolide; futhi ulenza libe unkulunkulu; bayawa phansi, yebo, bayakhuleka.
Balihlobisa ngesiliva nangegolide; bayibethela ngezipikili nangezando, ukuze inganyakazi.
Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.
U-Israyeli ungumvini ongenalutho, uyazithela izithelo; ngobuningi bezithelo zawo wandisa ama-altare; njengobuhle bezwe lakhe benza izithombe ezinhle.
Abakhileyo eSamariya bayakwesaba ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulilela nabapristi balo abajabulayo ngalo, ngodumo lwalo, ngokuba lumukile kulo.
Njengalokhu bababiza, basuka kanjalo kubo, bahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
Futhi inkemba iyohlala phezu kwemizi yakhe, futhi iyoqothula amagatsha akhe, futhi iyowaqeda ngenxa yamacebo awo.
IAsiriya ngeke isikhulule; asiyikugibela amahhashi, nomsebenzi wezandla zethu asisayikusho ukuthi: Ningonkulunkulu bethu, ngokuba intandane ithola umusa kuwe.
Ngokuba wayengazi ukuthi yimina engimnike amabele, newayini, namafutha, ngandisa isiliva negolide abakulungisela uBali.
Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.
Ithole lakho, Samariya, likwalile; intukuthelo yami iyabavuthela; kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi bathole ubumsulwa?
Ngokuba nalo liphuma kwa-Israyeli; ngalokho akusiye uNkulunkulu, kepha ithole laseSamariya liyakuchotshozwa.
Bhekani, senivukile esikhundleni sawoyihlo, isixuku sabantu abayizoni, ukwandisa ulaka lweNkosi phezu kuka-Israyeli.
Kodwa ithini impendulo kaNkulunkulu kuye? Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga kuBhali.
Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;
Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.
USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?