Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Bazibekele bona amakhosi angaveli kimi; babeka abaholi ngingazi; bazenzela izithombe ngesiliva nangegolide labo, ukuze kunqunywe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 8:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yasicebisana, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema; bheka, Israyeli, onkulunkulu bakho abakukhipha ezweni laseGibithe.


Le nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ukuba iyiqede nokuyichitha emhlabeni.


Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Umuntu angazenzela onkulunkulu, bengesibo onkulunkulu na?


Lahlani kini zonke iziphambeko zenu eleqa ngazo; futhi anenze inhliziyo entsha nomoya omusha; ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Inkosi uNebukadinesari yenza isithombe segolide, ukuphakama kwaso kwakuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi baso buyizingalo eziyisithupha; wawumisa ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.


Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.


Ngakunika inkosi ngolaka lwami, ngayisusa ngolaka lwami.


Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.


Ngokuba wayengazi ukuthi yimina engimnike amabele, newayini, namafutha, ngandisa isiliva negolide abakulungisela uBali.


U-Israyeli walahla okuhle; isitha siyakumxosha.


Kodwa waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.


Nxa umninindlu esesukumile wavala umnyango, seliqala ukuma ngaphandle lokungqongqotha emnyango, lisithi: Nkosi, Nkosi, sivulele; uyakuphendula athi kini: Anginazi lapho nivela khona;


Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi.


Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka