Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 11:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Njengalokhu bababiza, basuka kanjalo kubo, bahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 11:2
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wanikela ngomhlatshelo e-altare alenzayo eBethele ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, ngenyanga abeyicabangile kweyakhe inhliziyo; walungisela abantwana bakwa-Israyeli idili, walibeka e-altare, wanyusa impepho.


Manje thumela ubuthe kimi wonke u-Israyeli eNtabeni iKarmeli, nabaprofethi bakaBhali abangamakhulu amane namashumi amahlanu nabaprofethi beziqu zesihlahla esingcwele abangamakhulu amane abadla etafuleni lika-Izebeli.


Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.


Ububi benu nobubi bawoyihlo kanyekanye, usho uJehova, owathunqa umusi ezintabeni, wangihlambalaza emagqumeni; ngalokho ngiyakulinganisa umsebenzi wabo wangaphambili esifubeni sabo.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashunqise umusi kwaba yize, babakhubekisa ezindleleni zabo zasendulo, ukuba bahambe ngezindlela ezingalahlwanga;


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Hamba, usho kubantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Anikwamukeli ukulaywa ukuba nilalele amazwi ami na? kusho uJehova.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo ukuthi babuye ebubini babo, bangabeki impepho iye kwabanye onkulunkulu.


Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.


Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.


Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga.


U-Efrayimi uhlangene nezithombe; makasukume.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


Kodwa bala ukulalela, basusa amahlombe abo, bavala izindlebe zabo ukuze bangezwa.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.


Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.


Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka