Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 14:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 IAsiriya ngeke isikhulule; asiyikugibela amahhashi, nomsebenzi wezandla zethu asisayikusho ukuthi: Ningonkulunkulu bethu, ngokuba intandane ithola umusa kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 14:3
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi uHanani umboni weza ku-Asa inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencika enkosini yase-Aramu, ungathembelanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu yaphunyuka esandleni sakho isandla sakho.


Wena wakubona; ngokuba ubona ububi nobubi ukuba ukuphindise ngakho ngesandla sakho; abampofu bayazinikela kuwe; ungumsizi wentandane.


Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.


UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa.


Ihhashi liyize ekuphepheni, futhi ngamandla alo amakhulu ngeke asindise muntu.


Uyise wezintandane nomahluleli wabafelokazi nguNkulunkulu endlini yakhe engcwele.


Ngoba bazakuba lenhloni ngezihlahla ze-okhi enizifisayo, njalo lizakuba lenhloni ngezivande enizikhethileyo.


Ngalolo suku umuntu uyophonsa ezimvukuzaneni nasemalulwaneni izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide abazenzele zona ukuze azikhulekele;


Ngalokhu ububi bukaJakobe buyakuhlanjululwa; futhi lokhu kuyizithelo zonke zokususa isono sakhe; uma enza wonke amatshe e-altare abe njengelitshe lomcako eliphukile, iziqu zemithi nezithombe ngeke zime.


Kodwa lathi: Hatshi; ngoba siyakubaleka ngamahhashi; ngalokho niyakubaleka, nithi: Siyakugibela abanejubane; ngalokho abakusukelayo bayakuba ngamawala.


Owahamba ukwehlela eGibithe, akabuzanga emlonyeni wami; ukuze abaqinise emandleni kaFaro, bathembele emthunzini waseGibithe!


Maye kulabo abehlela eGibhithe ukuze bathole usizo; bahlala emahhashini, bethemba izinqola, ngokuba ziziningi; nangabamahhashi, ngokuba banamandla kakhulu; kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli futhi abamfuni uJehova!


AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu; namahhashi abo ayinyama, awawona umoya. Uma uJehova eselula isandla sakhe, abasizayo bayakuwa, nabasizwayo bayakuwa, bahluleke kanyekanye.


Khathesi-ke yenza isibambiso enkosini yami, inkosi yeAsiriya, njalo ngizakunika amabhiza azinkulungwane ezimbili, uba ungabeka abagadi bamabhiza eceleni kwakho.


Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa; nabafelokazi benu mabathembele Kimi.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Ngeke besazingcolisa ngezithombe zabo noma ngezinengiso zabo nanoma yiziphi iziphambeko zabo; kepha ngiyakubakhulula kuzo zonke izindawo zabo zokuhlala bonile, ngibahlanze; ngakho bazakuba ngabantu Kimi, lami ngibe nguNkulunkulu wabo.


U-Efrayimi udla umoya, uxosha umoya wasempumalanga; imihla ngemihla wandisa amanga nokubhubhisa; benza isivumelwano nama-Asiriya, kwangeniswa amafutha eGibithe.


Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.


U-Efrayimi uyakuthi: “Ngihlangene ngani nezithombe na? Ngamuzwa, ngambona: Nginjengomsayiphuresi oluhlaza. Kimi izithelo zakho ziyatholakala.


Ngoba ngizakhupha amabizo awoBhali emlonyeni wakhe, njalo kabasayikukhunjulwa ngamabizo.


Abantu bami babuza enqoleni yabo, udondolo lwabo luyabatshela, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, baphingile phansi kukaNkulunkulu wabo.


Lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe, noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kodwa akakwazanga ukukuphulukisa nokukuphulukisa isilonda sakho.


U-Efrayimi unjengejuba eliyisiwula elingenanhliziyo; babiza iGibithe, baya e-Asiriya.


Ngokuba nalo liphuma kwa-Israyeli; ngalokho akusiye uNkulunkulu, kepha ithole laseSamariya liyakuchotshozwa.


Ngoba bakhuphukela e-Asiriya, imbongolo yasendle iyodwa; U-Efrayimi waqasha izithandwa.


UJehova wakhuluma enhlanzini, yamkhafulela uJona emhlabathini owomileyo.


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyosusa amagama onkulunkulu ezweni, ukuze bangabe besakhunjulwa; futhi ngiyobangela abaprofethi nomoya ongcolile ukuphuma ezweni.


Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini.


Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka