Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni.
AmaHubo 79:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Igazi labo balichitha njengamanzi nxazonke zeJerusalema; futhi kwakungekho muntu wokungcwaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo. IsiZulu 2020 Igazi labo balichithe njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akubangabikho obambelayo. |
Amathambo ethu ahlakazekile emlonyeni wengcwaba, njengalapho egawula ecanda izinkuni emhlabeni.
Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.
Futhi abantu abaprofetha ngabo bayolahlwa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; futhi abayikubangcwaba, bona, omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngoba ngizathululela ububi babo phezu kwabo.
Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.
Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.
Abanqotshiweyo nguJehova ngalolo suku bayakuba khona kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba; abayikulilelwa, babuthwe, bangcwatshwe; bazakuba ngumquba emhlabathini.
Ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.
Ngiyakwehlisela abantu usizi ukuba bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuchithwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.
ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.
Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.
Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.
Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.
Kuyo kwafunyanwa igazi labaprofethi, nelabangcwele, nelabo bonke ababulawa emhlabeni.