Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 79:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 79:10
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo manje na?”


Njengenkemba emathanjeni ami, izitha zami ziyangihlambalaza; lapho bethi kimi insuku zonke: Uphi uNkulunkulu wakho?


Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho?


Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.


Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.


UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.


Jehova Nkulunkulu, ngeyakhe impindiselo; O Nkulunkulu, ongowakhe impindiselo, zibonise Wena.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


AbaseGibhithe bazakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngelulela isandla sami phezu kweGibhithe ngikhuphe abantwana bakoIsrayeli phakathi kwabo.


Uma ungadabula izulu, wehle, izintaba zehle phambi kwakho,


Futhi ngizobuyisela iBhabhiloni nabo bonke abakhileyo eKalideya ngakho konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni phambi kwamehlo enu,” kusho uJehova.


Ubudlova obenziwa kimi nenyama yami buseBabele, abakhileyo eZiyoni bayakusho; negazi lami phezu kwabakhileyo eKaledi, iJerusalema liyakusho.


Mabufike bonke ububi babo phambi kwakho; wenze kubo njengalokho wenzile kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kuningi, nenhliziyo yami ibuthuntu.


Ngiyakungcwelisa igama lami elikhulu elingcoliswe phakathi kwezizwe, enilingcolisile phakathi kwazo; izizwe ziyakwazi ukuthi nginguJehova,” usho uJehova, “lapho ngingcwelisiwe kini phambi kwamehlo azo.


Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?


Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.


Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.


Jabulani, O zizwe, kanye nabantu bakhe, ngokuba uyophindisela igazi lezinceku zakhe futhi aphindisele kwabamelene naye futhi abe nesihe ezweni lakhe nakubantu bakhe.


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka