UJeremiya 16:4 - Contemporary Zulu Bible 20244 Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE4 “Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.” Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20204 “Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.” Uka jalj uñjjattʼäta |
Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba iye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, futhi iyoqedwa yonke, iwe ezweni laseGibithe; bayoqedwa ngisho nangenkemba nangendlala; bayakufa, kusukela komncane kuye komkhulu ngenkemba nangendlala; bayakuba yinhlekisa, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba.