Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, ubanikile igazi ukuba baliphuze; ngoba bafanele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:6
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.


Iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,


Itsho njalo iNkosi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi mina ngiyi Nkosi: khangela, ngizatshaya ngentonga esesandleni sami phezu kwamanzi oMfula iNayile, aphenduke abe yigazi.


Abanicindezelayo ngiyakudlisa eyabo inyama; futhi bayodakwa yigazi labo siqu ngokungathi kungewayini elimnandi, futhi yonke inyama iyokwazi ukuthi mina, Jehova, nginguMhlengi wakho kanye noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.


Abapristi nabaprofethi bakhuluma ezikhulwini nakubantu bonke, bathi: “Lo muntu ufanelwe ukufa; ngokuba waprofetha ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.


Izikhulu nabo bonke abantu base bethi kubapristi nakubaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.


Ngenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo abachitha igazi labalungileyo phakathi kwalo;


Ngiyakunisela izwe owabhukuda kulo ngegazi lakho, kuze kufike ezintabeni; nemifula iyogcwala ngawe.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Kepha obengazi, wenza okufanele imivimbo, uyakushaywa imivimbo eyingcosana. Ngokuba yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye;


nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?


Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.


Oyisa ekuthunjweni uyakuya ekuthunjweni; obulala ngenkemba umelwe ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Sanikwa amandla okwenza umfanekiso wesilo uphile, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze ukuba babulawe abangawukhulekeli umfanekiso wesilo.


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Kuyo kwafunyanwa igazi labaprofethi, nelabangcwele, nelabo bonke ababulawa emhlabeni.


Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka