Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 79:3 - IsiZulu 2020

3 Igazi labo balichithe njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akubangabikho obambelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Igazi labo balichitha njengamanzi nxazonke zeJerusalema; futhi kwakungekho muntu wokungcwaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 79:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.


Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.


Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.


“Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Ngalolo lusuku ababuleweyo bakaSimakade bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayukukhalelwa, abayukubuthwa, abayukungcwatshwa, bayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.


Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.”


Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.


futhi kwatholakala kuwe igazi labaphrofethi, elabangcwele, nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka