Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 20:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho amadoda akwa-Israyeli ephenduka, amadoda akwaBhenjamini amangala, ngoba abona ukuthi ububi bubehlele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 20:41
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukulunga kopheleleyo kuyakuqondisa indlela yakhe, kodwa omubi uyakuwa ngobubi bakhe.


Ukulunga kwabaqotho kuyabasindisa, kepha abaphambukayo bayakubanjwa yinkani yabo.


Esiphambekweni somubi kukhona ugibe, kepha abalungileyo bayathokoza, bajabule.


Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.


Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?


Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Amadoda ase-Ayi aqalaza, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ezulwini, awabanga namandla okubaleka ngapha nangapha; abantu ababebalekele ehlane babaphendukela ababebaxosha.


Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;