Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 8:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amadoda ase-Ayi aqalaza, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ezulwini, awabanga namandla okubaleka ngapha nangapha; abantu ababebalekele ehlane babaphendukela ababebaxosha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 8:20
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Kodwa amehlo ababi azafiphala, njalo kabayikuphunyuka, lethemba labo lizakuba njengokuphiwa umoya.


Abanamandla enhliziyweni baphangwa, balala ubuthongo babo, akwabakho noyedwa kwabanamandla owathola izandla zabo.


Ngeke ucinywe ubusuku nemini; intuthu yalo iyakukhuphuka kuze kube phakade; liyincithakalo ezizukulwaneni ngezizukulwane; akekho oyodabula kukho kuze kube phakade naphakade.


Abaqamekeli bavuka masinyane endaweni yabo, bagijima lapho nje elula isandla sakhe; bangena emzini bawuthatha baphuthuma bawuthungela ngomlilo umuzi.


Lapho uJoshuwa no-Israyeli wonke bebona ukuthi abaqamekeli bawuthathile umuzi nokuthi umusi wawukhuphuka emzini, baphenduka bawabulala amadoda ase-Ayi.


Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo;


Baphinda bathi: Haleluya. Futhi umusi wawo wenyuka kuze kube phakade naphakade.


Kwakukhona isibonakaliso phakathi kwamadoda akwa-Israyeli nabaqambimanga ababelindele ukushunqa umusi omkhulu emzini.


Kwathi lapho ilangabi liqala ukunyuka liphuma emzini nensika yomusi, abakwaBenjamini babheka emva kwabo, bheka, ilangabi lomuzi likhuphukela ezulwini.


Lapho amadoda akwa-Israyeli ephenduka, amadoda akwaBhenjamini amangala, ngoba abona ukuthi ububi bubehlele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka