Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzAga 11:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukulunga kopheleleyo kuyakuqondisa indlela yakhe, kodwa omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 11:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Izinyathelo zamandla akhe ziyocindezelwa, necebo lakhe liyomwisa.


Baqamekela igazi labo; bacathamela ukuphila kwabo ekusithekeni.


Ubuqotho babaqotho buyakubahola, kepha ububi babaphambukayo buyakubabhubhisa.


Umuntu kayikuqiniswa ngobubi, kodwa impande yabalungileyo kayiyikuzanyazanyiswa.


Ukulunga kuyamlondoloza oqotho endleleni, kodwa ububi buyabhubhisa isoni.


Omubi uyaxoshwa ebubini bakhe, kepha olungileyo ulindela ukufa kwakhe.


Indlela yevila injengothango lwameva, kepha indlela yabalungileyo isobala.


Umuntu omubi wenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyaqondisa indlela yakhe.


Ohamba ngobuqotho uyakusindiswa; kepha omubi ezindleleni zakhe uyakuwa masinyane.


Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.


Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.


Indlela yolungileyo iqotho; Wena, oqotho kakhulu, ulinganisa indlela yabalungileyo.


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; ngalokho u-Israyeli no-Efrayimi bayakuwa ebubini babo; uJuda naye uzowa kanye nabo.


Lapho amadoda akwa-Israyeli ephenduka, amadoda akwaBhenjamini amangala, ngoba abona ukuthi ububi bubehlele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka