Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzAga 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukulunga kwabaqotho kuyabasindisa, kepha abaphambukayo bayakubanjwa yinkani yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 11:6
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ukulunga kwami kuyakungiphendulela esikhathini esizayo, lapho kufika umvuzo wami phambi kobuso bakho: zonke ezingemabala nezingamagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama phakathi kwezimvu, ezingathi zebiwe kimi.


Lapho usuhlolisisile zonke izinto zami, utholeni kuzo zonke izimpahla zendlu yakho? yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu, ukuze bahlulele phakathi kwethu sobabili.


Inkosi yasisithi kuSimeyi: Wena uyakwazi konke okubi inhliziyo yakho ekwaziyo, owakwenza kubaba uDavida; ngalokho uJehova uyakwehlisela ububi bakho phezu kwekhanda lakho;


Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa.


Umzenzisi ngomlomo wakhe uyabulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakusindiswa ngolwazi.


Omubi uyakuthatha ububi bakhe, aboshwe ngezintambo zezono zakhe.


Omba umgodi uzakuwela kuwo; noma ngubani ophula uthango, inyoka izomluma.


Lapho amadoda akwa-Israyeli ephenduka, amadoda akwaBhenjamini amangala, ngoba abona ukuthi ububi bubehlele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka