UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro.
1 Samuweli 2:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo. IsiZulu 2020 Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo. |
UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro.
Wena uyakuba phezu kwendlu yami, futhi njengezwi lakho bonke abantu bami bayobuswa; esihlalweni sobukhosi kuphela ngizakuba mkhulu kunawe.
Ngalokho wothi encekwini yami uDavide: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngakuthatha esibayeni sezimvu, ulandela izimvu, ukuba ube ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.
Ngokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli; wahamba ngendlela kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli, bangidlalise ngezono zabo;
Wasesukuma wangena endlini; wathela amafutha ekhanda lakhe, wathi kuye: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngikugcobile ube yinkosi yabantu bakaJehova kwa-Israyeli.
Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI.
Ngizamqinisa njengesikhonkwane endaweni emisiweyo; futhi uyakuba yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.
Inkosi yasimphakamisa uDaniyeli, yamupha izipho ezinkulu ezinengi, yammisa waba ngumbusi phezu kwesifunda sonke saseBhabhiloni lenduna yababusi phezu kwabo bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.
Le ndaba injengomyalo wabalindi nokufunwa yizwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, awunike lowo athanda ukummisa, ammise. Phezu kwawo amadoda aphansi.
Khona-ke lo Daniyeli wakhethwa ngaphezu kwabongameli nezikhulu, ngoba umoya omuhle kakhulu wawukuye; inkosi yacabanga ukummisa phezu kombuso wonke.
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?
Wasesenza amakhosi labapristi kuNkulunkulu uYise; makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
Wayesethi uSamuweli: “Umncane emehlweni akho, awubekwanga waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli, uJehova wakugcoba ukuba ube yinkosi kwa-Israyeli na?