Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho wothi encekwini yami uDavide: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngakuthatha esibayeni sezimvu, ulandela izimvu, ukuba ube ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNathani wasesithi kuDavida: Nguwe lowomuntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngakugcoba ube yinkosi kwa-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule;


Owesifazana wasesithi: Pho, ucabangeleni into enje ngabantu bakaNkulunkulu? ngokuba inkosi ikhuluma ngale ndaba njengobi, ngokuba inkosi ayiyikumbuyisela ekhaya oxoshiwe.


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. Wathi uDavide, indodana kaJese, umuntu waphakama phezulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe, nomhubi omnandi ka-Israyeli, wathi:


UDavide wakhuluma kuJehova lapho ebona ingelosi ishaya abantu, wathi: “Bheka, ngonile, ngenzile okubi; kodwa lezi zimvu zenzeni? isandla sakho masibe phezu kwami nendlu kababa.


Nakudala uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha u-Israyeli, wabangenisa; uJehova wathi kuwe: ‘Kumelwe unakekele abantu bami u-Israyeli, futhi wena kumelwe ube umbusi phezu kuka-Israyeli.


UDavide wayesethi kuMikhali: “Kuphambi kukaJehova owangikhetha phambi kukayihlo naphambi kwendlu yakhe yonke ukuba angimise ngibe ngumbusi phezu kwabantu bakaJehova kwa-Israyeli; ngalokho ngiyakudlala phambi kukaJehova.


Wayesethi uSolomoni: “Wenze umusa omkhulu encekwini yakho, ubaba uDavide, njengoba ayehamba phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe; umgcinele lomusa omkhulu ukuthi umnike indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njenganamuhla.


Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe, angikhethanga muzi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona kuyo; kepha ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Ngakho-ke, nanku okuzakutsho encekwini yami uDavida, uthi: Itsho njalo iN kosi yamabandla: Ngakukhupha esibayeni sezimvu, yebo, emva kwezimvu, ukuze ube ngumbusi phezu kwabantu bami uIsrayeli.


UDavida wasesithi kuNkulunkulu: Kakusimi yini owalaya ukuthi abantu babalwe? mina yimi ngonile ngenza okubi impela; kodwa lezi zimvu zenzeni? isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa; kodwa hhayi kubantu bakho, ukuze bahlushwe.


UJehova wangithatha ngisalandela umhlambi, futhi uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.


owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele.


USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini, umgcobe abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, ukuze asindise abantu bami esandleni samaFilisti; ngoba ngikubonile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka