Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:48 - Contemporary Zulu Bible 2024

48 Inkosi yasimphakamisa uDaniyeli, yamupha izipho ezinkulu ezinengi, yammisa waba ngumbusi phezu kwesifunda sonke saseBhabhiloni lenduna yababusi phezu kwabo bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBabele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBabele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

48 Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:48
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UBarizilayi wayesemdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayepha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi; ngoba wayengumuntu omkhulu kakhulu.


UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu enkosini yakhe nodumo, ngokuba ngaye uJehova wanikela kuma-Aramu; naye wayeyiqhawe elinesibindi, kodwa enochoko.


Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.


Kepha uma nembula iphupho nencazo yalo, niyakwamukela izipho nemivuzo nodumo olukhulu kimi; ngalokho mangazise iphupho nencazo yalo.


Inkosi uNebukadinesari yenza isithombe segolide, ukuphakama kwaso kwakuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi baso buyizingalo eziyisithupha; wawumisa ethafeni laseDura esifundeni saseBabele.


Kukhona abaJuda abathile owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; Lawa madoda, nkosi, awakunakanga; azikhonzi onkulunkulu bakho, azikhuleki esithombeni segolide osimisileyo.


Inkosi yayisikhulisa oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego esifundeni saseBabele.


Ngase ngikhipha umyalo wokuba kulethwe phambi kwami bonke abahlakaniphileyo baseBabele ukuba bangazise ingcazelo yephupho.


Belitshazari, nkosi yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe, nokuthi akukho mfihlakalo ekukhathazayo, ngitshele imibono yephupho lami engalibonayo kanye nencazelo yalo.


Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola;


Futhi ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukuchaza futhi uxazulule ukungabaza; manje uma ukwazi ukuwufunda umbhalo, ungazise incazelo yawo, wembathiswe okubomvu, ufake neketanga legolide entanyeni yakho, ube ngowesithathu embusweni.


Khona-ke uBelishasari wayala, futhi bagqokisa uDaniyeli okubomvu futhi bamfaka iketanga legolide entanyeni yakhe futhi bamemezela ngaye ukuthi uyakuba ngumbusi wesithathu embusweni.


Inkosi yamemeza ngezwi elikhulu ukuba kulethwe ababhula ngezinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola; Inkosi yasikhuluma, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhiloni: “Ofunda lo mbhalo, angazise incazelo yawo, agqokwe okubomvu, afakwe iketanga legolide entanyeni yakhe, abe ngowesithathu embusweni.


Futhi mina, Daniyeli, ngahluleka, ngagula izinsuku ezithile; emva kwalokho ngasukuma ngenza umsebenzi wenkosi; futhi ngamangala ngalowo mbono, kodwa akekho owawuqondayo.


Ngakho-ke balekela endaweni yakho; Bengithi ngiyakukuphakamisela udumo olukhulu; kepha bhekani, uJehova ukugodlile udumo.


Athi amadoda akwa-Israyeli: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na?” wakhuphuka ukudelela u-Israyeli; umuntu oyombulala, inkosi iyakumcebisa ingcebo eningi, imnike indodakazi yakhe, ikhulule indlu kayise kwa-Israyeli.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


Kwakukhona umuntu eMahoni omfuyo yakhe yayiseKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, enezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka