Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 4:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Le ndaba injengomyalo wabalindi nokufunwa yizwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, awunike lowo athanda ukummisa, ammise. Phezu kwawo amadoda aphansi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 “ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 4:17
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa akubangakho onjengo-Ahabi ozithengisele ukwenza okubi emehlweni kaJehova owavusa u-Izebeli umkakhe.


Ngesikhathi sokucindezeleka kwakhe wabuye waphambuka kuJehova; yiyo leyo nkosi u-Ahazi.


UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Ababi bagijima nxazonke, lapho abanamahloni kakhulu bephakeme.


UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.


Ngase ngizwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, futhi ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: Nangu mina; ngithumele.


Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngokusola okulukhuni; futhi bayokwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngimemezela impindiselo yami kubo.


Ngakho ngiyakuletha abezizwe ababi kakhulu, badle izindlu zabo; nezindawo zabo ezingcwele ziyongcoliswa.


Empahleni yakhe kuyakuvela umuntu odelelayo, abangayikumnika udumo lombuso; kodwa uyongena ngokuthula futhi azuze ubukhosi ngokuthopha.


Uyaguqula izikhathi nezikhathi; ususa amakhosi, abeke amakhosi; Unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha nolwazi kwabakwaziyo ukuqonda.


Ngabona kukuhle ukwenza izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenza kimi.


Bayakukuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe nezilwane zasendle, bakudlise utshani njengezinkomo, bakuphuzise ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa. Wena. Nize nazi ukuthi oPhezukonke uyabusa embusweni wabantu futhi uyinika athanda ukumnika yona.


Futhi iyokhuluma amazwi amakhulu ngokumelene noPhezukonke futhi iqede abangcwele boPhezukonke futhi icabange ukuguqula izikhathi nemithetho, futhi kuyonikelwa esandleni sayo isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi.


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso; Ngoba awekho amandla ngaphandle kukaNkulunkulu: amandla akhona amiswe nguNkulunkulu.


Lezinto eziphansi zomhlaba lezinto ezidelelwayo uNkulunkulu uzikhethile, lezinto ezingekho, ukuthi achithe izinto ezikhona.


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu, neNkosi uJesu Kristu, nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba uzigcine lezo zinto ngaphandle kokukhetha kuqala, ungenzi lutho ngokukhetha abantu.


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka