Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ubusuku abusayukuba bikho, abasakudingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela. Bayakubusa kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 22:5
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


Inyanga iyakuma inamahloni, nelanga lijabhe, lapho uJehova Sebawoti eyakubusa eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema nangokukhazimulayo phambi kwamalunga akhe.


Ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa njengokukhanya kwezinsuku eziyisikhombisa, mhla uJehova ebopha uqhekeko lwabantu bakhe, ephulukisa umvimbo yesilonda sabo.


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakuthatha ubukhosi, badle umbuso kuze kube phakade naphakade.


Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.


Kodwa kuyoba usuku olulodwa oluyokwaziwa nguJehova, kungabi yimini noma ebusuku; kodwa kuzakhanya kusihlwa.


UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


Ngokuba uma ngesiphambeko somuntu oyedwa ukufa kwabusa ngalowo munye; kakhulukazi abemukela ukuvama komusa nokwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo munye, uJesu Kristu.


uma sibekezela, siyakubusa kanye naye; uma simphika, naye uyakusiphika;


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe.


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. Umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.


Ulenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kunjengetshe eliligugu elikhulu, linjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu;


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka