Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 AbaLevi bazihlambulula, bahlanza nezingubo zabo. U-Aroni wayesebaletha njengomnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade, ukuze u-Aroni abenzele ukubuyisana, abahlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 AmaLevi ahlanjululwa, kwahlanzwa izingubo zawo; u-Aroni wakuletha njengomnikelo phambi kukaJehova; u-Aroni wabenzela ukubuyisana ukuze abahlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:21
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;


Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.


umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.


“Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.


“Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa.


Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.


Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni naphambi kwamadodana akhe; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.


Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka