Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:20
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.


Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.”


AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.


Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.


Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka