Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 8:21 - IsiZulu 2020

21 AbaLevi bazihlambulula, bahlanza nezingubo zabo. U-Aroni wayesebaletha njengomnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade, ukuze u-Aroni abenzele ukubuyisana, abahlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 AmaLevi ahlanjululwa, kwahlanzwa izingubo zawo; u-Aroni wakuletha njengomnikelo phambi kukaJehova; u-Aroni wabenzela ukubuyisana ukuze abahlambulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 8:21
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.


Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.


“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.


“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa.


UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.


Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.


Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka