Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 32:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

33 UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

33 UMose wabanika abantwana bakwaGadi, nabantwana bakwaRubeni, nenxenye yesizwe sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni, inkosi yama-Amori, nombuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo emikhawulweni, imizi yezwe nxazonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 32:33
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.


Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.


Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefunde ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,


Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”


ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;


lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:


NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka